Saturday 19 November 2011

Wednesday 16 November 2011

Welcome to COP17/CMP7

The 17th Conference of the Parties (COP17) to the United Nations Framework Convention on Climate Change (UNFCCC) and the 7th Session of the Conference of Parties serving as the meeting of the parties (CMP7) to the Kyoto Protocol will be held in the sunny City of Durban, South Africa.

Let's work together in trying to solve and prevent this climate catastrophe.

To all the dignitaries coming to South Africa, wolcome back...Feel at home.

Catch me live at 7pm.

Catch me live at 7pm 2day on yo communty radio around you(Izwi Lomzansi, Nqkubela Community Radio,Jozi FM also on DSTV....) and wifey on SABC 1 at 7:30pm lol...

Bathathe Macingwane.Bathini?

Bathathe Macingwane basijwayela kabi...Ubongihlephulela phela imillion elilodwa Dj Gabigabi...

Umcamelo katsotsi,ibhaba....

Bekungelula ngempelasonto ukuthenga nokudla isinkwa ngenxa yemibiko ethusayo  ebisabalaliswa abantu.Kwasemashalofini ububona inqwaba yalomcamelo katsotsi, yalebhaba iduvile.Awucabange nje obest before date.Ububona nje ukuthi abantu bathukile ikakhulukazi abamhlophe,kwazise phela umuntu uqube khona kumasurbub aseJozi,hahahaha.(kubuye kubhore kodwa).Ubona uma kunjena ukubaluleka kwesinkwa.Yingakho kumele ibhekisiswe indaba yentengo yesinkwa njesidingongqangi.

Uyabona kodwa mngani angikhathali ungathini,ayikho into edlula ujeqe noma isinkwa sombila uma kunje.Ngiye ngafikelwa umqondo wokuqala ibhizinisi lokukhiqiza ujeqe,isinkwa sombila nokunye ngikuphakheje just like isinkwa.Awucabange nje ngesikhangisi sakhona kwiradio,TV ,ephephene nakumabillboard? Nice very nice….Lendaba yesinkwa ithande ukuphazamisa  bandla shame.

Ngiyengathi ukukhululeka uma ngizwa abenkampani yezinkwa beyichitha lemibiko.Baye bagcizelela ukuthi  isinkwa siphephile….Ungazinaki izinzipho zomuntu obhaka isinkwa,dlan’isinkwa wena…KHEMANI MANI….

Monday 14 November 2011

Sunday 13 November 2011

Yathini inyanga ngeBafana Bafana?

Ngilithanda impela iqembu lesizwe kodwa hayi izinga lokuphoxeka liyangokunyuka.Empeleni kwadraw leyo bengingayibhekile,nhlobo.Hey abakwazi ukukora labantu,finish.Koze kunini sidlala ocishe,ukuba,...hayi suka.Umdlalo wayizolo ubugijimisa igazi kwashukuthi ilegenge eyiflop kodwa siyabonga Mpela that was Killer goal.Izindlovu bezidlalisa kabi bo hey.Bebegxoba umuzi wendoda qha.Angikaze ngiyibone into enje mina.

Yathini inyanga ekweletwayo ngeBafana Bafana?"..Iyowina imidlalo engathi shu...."Hayi bo lungisani indaba yenyanga wezikhulu zebhola kuyonakala....Sizani bo...