Wednesday 16 November 2011

Umcamelo katsotsi,ibhaba....

Bekungelula ngempelasonto ukuthenga nokudla isinkwa ngenxa yemibiko ethusayo  ebisabalaliswa abantu.Kwasemashalofini ububona inqwaba yalomcamelo katsotsi, yalebhaba iduvile.Awucabange nje obest before date.Ububona nje ukuthi abantu bathukile ikakhulukazi abamhlophe,kwazise phela umuntu uqube khona kumasurbub aseJozi,hahahaha.(kubuye kubhore kodwa).Ubona uma kunjena ukubaluleka kwesinkwa.Yingakho kumele ibhekisiswe indaba yentengo yesinkwa njesidingongqangi.

Uyabona kodwa mngani angikhathali ungathini,ayikho into edlula ujeqe noma isinkwa sombila uma kunje.Ngiye ngafikelwa umqondo wokuqala ibhizinisi lokukhiqiza ujeqe,isinkwa sombila nokunye ngikuphakheje just like isinkwa.Awucabange nje ngesikhangisi sakhona kwiradio,TV ,ephephene nakumabillboard? Nice very nice….Lendaba yesinkwa ithande ukuphazamisa  bandla shame.

Ngiyengathi ukukhululeka uma ngizwa abenkampani yezinkwa beyichitha lemibiko.Baye bagcizelela ukuthi  isinkwa siphephile….Ungazinaki izinzipho zomuntu obhaka isinkwa,dlan’isinkwa wena…KHEMANI MANI….

1 comment: