Wednesday, 9 November 2011

Uboya phezu koboya yamnand’into

Libalele likhiph’umkhov’etsheni siyasha isifundo sesiZulu kwesinye sezikole eMlazi ekasi lamakasi.Abanye abafundi bayozela kwazise kuyashisa,basandakudla isidlo sasemini kanti vele kukhona okusolwa ukuthi ubambile(there’s a bunny in the oven).Akasemuhle kanje uMiss phambili uyafundisa,ushaye nengubo epholile emfanela over.Ingubo yezimanga ithe ukuba ngenhla kwamadolo kabili kathathu.Imile,ipakishile u size 32 inkehli le,WOW!!!!.Zindwazile ezinye iymbabala ziyahala instead of learning.Ngekengibasole kakhulu ngoba nami ngafisa ukungena ngithamele isifundo ngeshwa ngangine meeting with the principal naye o hot.

Anywho,siyasha isifundo wenza umsebenzi wakhe umfundisi.Kuthe lapho ethi,”Uboya phezu koboya yamnand’into”,kwathi ngqazu kwavuk’abalele.Kwaba sengathi yilesasikhath’uShabalala ukora igoli lokuqala kwiWorld Cup kwi opening match neMexico…..Yini manje sekwenzenjani?Kuhlekwani?..You dirty minds you..

1 comment:

  1. Hawu! Lucky, saze samnandi isiZulu esibhalwe kulendaba

    ReplyDelete